Kumele kufakelwe isicelo lapho umuntu efinyelele iminyaka yomhlalaphansi nakhona efisa ukusebenzisa ama-benefit aqokelelene ngokulandela umgomo womhlalaphansi.
Lesi sicelo singenziwa yilunga elifisa ukudlulisa ama-benefit alo ngaphansi kwesinye isikhwama somhlalaphansi ukuya kwesinye isikhwama somhlalaphansi.
isibongo somkhokhi wentela unobumba bamagama omkhokhi wentela isitifikedi sokuzalwa somkhokhi wentela inombolo kamazisi yomkhokhi wentela noma enye intombolo engavamile uhlobo lomyalelo ocelwayo isizathu sokucela umyalelo wentela ikheli lendawo ahlala kuyo kanye nekhodi leposi yomkhokhi wentela ikheli leposi kanye nekhodi leposi lesikhungu noma lomqashi umholo wonyaka womkhokhi wentela.
Uma inombolo yereferense yentela ingakhishwanga, nikeza izizathu zokungabhalisi.
Indlela elula yokwenza isicelo somyalelo wentela, wukusenza nge-inthanethi kwi-website ethi: eFiling. Isicelo sakho somyalelo wentela ngale ndlela sivamise ukuvunyelwa kungakapheli amahora angu-48.
Isicelo somyalelo wentela owenziwa kwi-inthanethi uvamise ukwamukelwa kumahora angu-48.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
